Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

21-Days of Praying for Friends

USUKU 6 KWEZINGU- 21

Isiqondiso somkhuleko

Mathewu 11:28

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

Umthandazo:

Baba miningi imithwalo yalapha emhlabeni. Ayasichoboza, ayasigqilaza futhi asenze singaphumuli ekuphishekeleni kwethu kwasemhlabeni ukuthula nenjabulo. Ngiyabona ukuthi _______________________ ukhathele futhi uthwele kanzima ngezinto eziningi. Ngithandazela ukuthi uzokhulula ubuhlungu nokuhlupheka kwakhe futhi ngelinye ilanga _______________________ athole ukuphumula kweqiniso kuwe. Mnikeze ukuqonda okujulile kokungabi nalutho ezintweni zezwe futhi eze kuwe ngokuphenduka nokholo. 

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

21-Days of Praying for Friends

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

More

Sithanda ukubonga i-New City Delhi ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.newcitydelhi.com