Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula
Isiqondiso somkhuleko
Johane 10:8-11
Bonke abeza ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibalalelanga. Mina ngiyisango; loba ngubani ongena ngami uyakusindiswa. Bayongena baphume, bathole idlelo. Isela alizi kuphela ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. “Mina ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Umthandazo:
Baba, ngiyabona ukuthi omubi uphanga achithe impilo yabangane bami. Ngithandazela _______________________, ukuthi ezwe izwi likaJesu, umalusi olungileyo. Ngithandazela ukuthi _______________________ angabe esaba ngaphansi kwethonya elibhubhisayo labelusi bamanga kulomhlaba kodwa angene emadlelweni aphakade ngesango leqiniso, uJesu Kristu. Ngithandazela ukuthi ngolunye usuku, _______________________ ajabulele ukuphila ngokugcwele futhi amukele uJesu owabekela yena impilo yakhe.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.
More