NgiyabongaIsampula

I'm Grateful

USUKU 1 KWEZINGU- 4

Yiba Nguwe

Abanochoko abayishumi belashwa ngokuyisimangaliso. Lesi simangaliso asiqedanga nje kuphela isifo esesabekayo nesibuhlungu, kodwa futhi sakhulula lamadoda ukuba abuyele emindenini yawo futhi ahlangane nemiphakathi yawo. Konke kwashintsha ngenxa yalokho uJesu akwenza, kodwa munye kuphela owabuya wazombonga.

Kusobala kithi ukuthi uJesu wabuyisela la madoda ukuphila kwawo. Pho kungani bonke abayishimi bengabuyelanga ukuzombonga ngokuchichimayo? Kulula ukwahlulela abayisishagalolunye, kodwa mhlawumbe uJesu wayehlose ukuthi sigxile kokukodwa. Uyabona, njengabanochoko, uJesu wanikeza ngamunye wethu ukuphila okusha. Ingabe uzoba ngumuntu ojabulayo? Ingabe uzokhulisa umkhuba wakho wokubonga nsuku zonke ekugcwalisekeni kwalokho uJesu akwenzele kona?

Zama lokhu: Mema abantu abambalwa ukuthi bafunde nawe lolu hlelo lweBhayibheli kuleli sonto. Bese, nihlangana futhi nixoxe ngombono wenu omusha, nowokubonga.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

I'm Grateful

Ukubonga kuguqula esinakho kube ngokwanele. Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezine oluvela ku-Life.Church luzokusiza uthole umbono wokubonga. Qala ukufunda ingxenye yesibili yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church