Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”
Funda NgokukaLuka 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 17:11-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo