NgiyabongaIsampula

I'm Grateful

USUKU 3 KWEZINGU- 4

Ngeke Ngivumele Engikufunayo Kungiphuce Enginakho

Ukwaneliseka nokubonga akufani, kodwa kuyiqiniso ukuthi kuwumndeni. Ukwaneliseka kuhlala ndawana thize eduze nasekuqaleni kwendlela ebheke embonweni wokubonga.

Isibonelo, kunzima ukubonga ngento oyitholile ngesikhathi usafuna okungaphezulu kwaleyo nto oyitholile. Cabanga ngomntwana othi ngiyabonga ngamaswidi ngoba ethole ukuthi lokho kuyindlela yokuthola okwengeziwe. Ingabe bayajabula ngokuba namaswidi? Yebo. Kodwa, ingabe banelisekile ngalokho asebekutholile kakade? Cishe cha. Umbono wokubonga uyabona ukuthi uNkulunkulu usinike okuhle esinakho, aphendule ngokudumisa, bese ekholelwa ukuthi okuhle Kwakhe kwanele. Nokho, sivame ukuza kuNkulunkulu ngezwi elifana nojahidada, “Ngiyabonga. Ngicela, okwengeziwe.”

Sikugcina kanjani ukunganeliseki ekusiphuceni ukugcwaliseka kwisabelo esisifumana kukaNkulunkulu? Sizijwayeze ukuthi, “Ngiyabonga, Nkulunkulu. Wanele.” Uma senza kanjalo, sizothola ukuthi ukubonga kushintsha esinakho kwenze okwanele.

Zama lokhu: Bheka nxazonke zakho bese uqala ukubonga uNkulunkulu ngezinto ozibonayo. Qala uhla lwengqondo namuhla lwezinto akwenzele zona. Yabelana ngawo engxoxweni noma uwuthumele ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto. 

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

I'm Grateful

Ukubonga kuguqula esinakho kube ngokwanele. Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezine oluvela ku-Life.Church luzokusiza uthole umbono wokubonga. Qala ukufunda ingxenye yesibili yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church