Ukukhulisa ukuKholwa kwakhoIsampula

Growing Your Faith

USUKU 4 KWEZINGU- 4

Uma Bese

Ngokuya ngazi ngomsebenzi uNkulunkulu asazowenza kimina, kuncane ukungabaza Asazokwenza kuwena. _ Andy Stanley

Sichithe izinsuku ezintathu ezedlule sidingida izigatshyana ezinobudlelwano obuyimbangela-mphumela. Ukuze sikwazi ukubona imiphumela ezimpilweni zethu kunokuthile okumele sikwenze kuqala. Kulolusuku lokugcina, sizothatha izigaba ezimbili lapho uJesu akhuluma khona ngendlela eyodwa

NgkukaMathewu 17:20
Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula".

Ngokucacile uJesu wathi akukho okuyasahlula, singalicela leloqiniso. Kodwa uma esikwenzayo ukusho ukuthiakukho ukwahuleka",siphuthelwe yingxenye yokuqala ekhuluma ngokudinga ukukholwa. Okuhle kulokhu ukuthi asidingi ukukholwa okungangolwandle-sidinga nje okungangenhlamvu yesinaphi. inhlamvu yesinaphi ingangeyodwa kuya kwamabili amalimitha ngesikalo. Yinani elincane kakhulu lelo lokukholwa.ukukholwa nje! Ngokuqinisekile Useyokwengeza konke okusele.

NgokuJohane 8:31-32
Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

Sonke siyakufuna ukukhululeka ezimpilweni zethu. Empelelni akukho okunye okungenza sizizwe kangcono kunkuzizwa sikhulukile. Kodwa sizoyithola kanjani inkululeko uma singaqiniseki kwesikufundiswa uJesu?. Wonke umuntu ufuna ukuzihumushela iqiniso ngendlela yakhe, kodwa sime siqine eZwini likaNkulunkulu. Lungu-mthombo weqiniso kwabalandela u-Kristu.

Ukuze sikhule ekukholweni kwethu, kunezinto okumele sizenze. Ukuhamba komKristu kuyindawo yokuqeqeshwa lapho silwela ukuba njengo-Jesu. Ngeke sipheleliswe, okungukuthi siyoba kuloluhambo size sishiye lomhlaba. Siyohlala sithola amathuba amaningi ukuze sikhule okholweni lwethu

Kanti singazelele nje, siyokwazi ukubheka emuva esikhathini sempilo yethu yenqubekela-phambili bese siyagqugquzeleka ukuthi uNkulunkulu uyowufeza umsebenzi awuqalile kithina

Bonisa
Dlinza kulezizigatshana ezingenhla. Uzithola ubhekene nobunzima? Bheka okufunekayo kokukholwa neqiniso bese ubuza kuNkulunkulu akukhombise lapho kudingeka ukhule khona.

Ngokuqhubeka ufunda iBhayibheli, bheka izigaba ezinalokhu"uma-ke" noma"nini-ke" ngokuhambisana. Buza kuNkulunkulu akukhombise lapho ubheka khona imiphumela ngaphambi kokufaka awakho amandla

Mayelana naloluHlelo

Growing Your Faith

Ibhayibheli linokuningi elikushoyo ngokuthi silikhulisa kanjani ukholo lwethu kanje nokuzinikela ngokuphelele ku Jesu. Njengoba esiguqula ngaphakathi nangaphandle, uyasimema ukuba sibe yingxenye yoguquko. Kuloluhlelo lwezinsuku ezine lwe Bhayibheli, sizongena ekuthini kusho ukuthin ukulandela Yena nsukuzonke siphile impilo enobu Christu phakathi.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.