Ukukhulisa ukuKholwa kwakhoIsampula

Growing Your Faith

USUKU 3 KWEZINGU- 4

Okufiswa yinhliziyo yakho

Uma uNkulunkulu ekunika u"cha" muphe Yena u"ngiyabonga". Wayekuvikela wena kokuncane kunokungcono kwaKhe. - Ongazidalulanga

AmaHubo 37:4 "zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho."(ZUL59) Lesisigatshana asicaphunwa kahle. Sigxila engxenyeni yokugcina lapho kuthi khona uNkulunkulu uyakusinika okufiswa yinhliziyo yethu kodwa siyakhohlwa yingxenye yokuqala -zithokozise ngoNkulunkulu.

Nsukuzonke zokuphila kwethu sinezifiso nezimfuno eziphambana nokukaNkulunkulu okungcono. Ekuningi akuhlakaniphile futhi akuphephile kodwa siyakufisa. Asikwazi ukusho sithi"UNkunkulu uzonginika izifiso zami!ikakhulukazi uma lezozifiso zingububi, zinokulimaza, noma zinobugovu. Akusisona leso isethembiso esenziwe nguNkulunkulu kithi.

Isenzo sokuzithokozisa ngaYe sibumba izifiso zethu kube yilezo uNkulunkulu afuna ukusinika zona. Ua sizithokozisa ngaYe, bese Yena ngokuthokoza efuna ukusinika okufiswa yinhliziyo yethungoba siyahambisana kanye nezaKhe.

Uyabona, icebo likaNkulunkulu kanye nezifiso zikwedlula kakhulu esingayicabanga.Singacabanga ukuthi esethu isifiso siyamangalisa, kodwa uma siziqhathanisa nalokhu uNkulunkulu asibekele khona, siyomangazwa yinani lokulunga lelo Alihlelele abantwana baKhe.

uyazi kusho ukuthini ukuzithokozisa ngoNkulunkulu? Ukuthola ubuwena ngokuphelele ekwazini Yena nasekumlandeleni? Akukona ukuthokoza ngezibusiso neziphiwo Asinika zona kodwa ukuzithokozisa ngayenokuthi uNgubani. Uma senzenjalo, izifiso zethu ziyamiswa yithonya laKhe.

Bonisa
Usuke wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu engeke akunika ezinye onazo enhliziyweni? Chita isikhathi uthandaza ubuza kuNkulunkulu ukuthi izifiso zakho ziyahambisa yini necebo laKhe elingcono kakhulu ngempilo yakho.

Uma sizithokosiza ngoNkulunkulu, sigxila ecebeni lakhe elingcono kakhulu kunelethu

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Growing Your Faith

Ibhayibheli linokuningi elikushoyo ngokuthi silikhulisa kanjani ukholo lwethu kanje nokuzinikela ngokuphelele ku Jesu. Njengoba esiguqula ngaphakathi nangaphandle, uyasimema ukuba sibe yingxenye yoguquko. Kuloluhlelo lwezinsuku ezine lwe Bhayibheli, sizongena ekuthini kusho ukuthin ukulandela Yena nsukuzonke siphile impilo enobu Christu phakathi.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.