Ukukhulisa ukuKholwa kwakhoIsampula

Growing Your Faith

USUKU 2 KWEZINGU- 4

Ukuvuna nokutshala

Uma ungakwazi ukundiza, baleka. Uma ungakwazi ukubaleka, hamba. Uma ungakwazi ukuhamba, cathula. Kodwa noma yini oyenzayo, kumele uqhubekele phambili. - Martin Luther King, Jr.

Ngezinye izikhathi kuzwakala sengathi kulula ukulahla ithemba, akunjalo? Siyazama, sizame, sizame size sikhathale ukuzama, ikakhulukzi uma singayiboni imiphumela noma izithelo zokusebenza kwethu. Bese sikhetha ukuyeka ukuzama noma szi ukuthi sidinga ukuthemba ukuthi sizoyibona imiphumela emihle.

ezimpilweni zethu siyatshala izinto ezinhle noma izinto ezimbi. Kungaba sitshala imbewu ezoqhuma imiphumela emhle noma sivumela ukhula lihlume ezimpilweni zethu. Kanti futhi uma singaba neqiniso, kulula ukuthi ukhula luhlume ezimpilweni zethu kunezitshalo ezikhipha izithelo, kunjalo?

KwabaseGalathiya 6:9 kuthiwa, "Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali."ZUL59 Kunzima ukwenza okuhle, ukukhetha ukuphikelela singayiboni imiphumela. Kodwa uma sifuna uku"vuna" isivuno,asikwazi ukuyeka.

Ukukhetha ukuya ejimini iviki elilodwa ngeke kwaba nemiphumela yomzimba omusha ophilile. Kumele siqhubeke, iviki neviki, sibome imikhiqizo eveza ukuzikhandla kwethu. Ngeke silindele ukuthi umshado obhidlikayo ube ngcono ngokwenza kahle koshade naye ungosuku olulodwa. Kumele sizimisele sifake amandla emshadweni yethu usuku nosuku, sethembe kakhulu uNkulunkulu ukuletha inguqukoyeqiniso.

Awuvuni masishane emva kokutshala. Abalimi bayakwazi lokhu. Batshala ngesinye isikhathi bavune ngesinye isikhathi. Ngakho-ke uma ufuna ukubona imiphumela emangazayo emplilweni yakho, ungapheli amandla. Ngeke ulahle ithemba kodwa uqhubeke ulindele ukuvuna. Kulula ukuthi sicabange kanjalo. Silindele ukuba uNkulunkulu asinike izibusiso zaKhe nempilo enezithelo, kodwa sesalilahla kudala ithemba. Akumele kukhule ukudangala kuloluhambo ngoba sizovuna esikutshalile

Umbuzo uthi, ungahlala kulenkambo?

Awubonise
Yiluphi uhlobo lwesithelo ofuna ukusibona empilweni yakho? Yiziphi izinyathelo ozithathayo ukuqinisekisa ukuthi uyazivuna ngelinye ilanga?

Mayelana naloluHlelo

Growing Your Faith

Ibhayibheli linokuningi elikushoyo ngokuthi silikhulisa kanjani ukholo lwethu kanje nokuzinikela ngokuphelele ku Jesu. Njengoba esiguqula ngaphakathi nangaphandle, uyasimema ukuba sibe yingxenye yoguquko. Kuloluhlelo lwezinsuku ezine lwe Bhayibheli, sizongena ekuthini kusho ukuthin ukulandela Yena nsukuzonke siphile impilo enobu Christu phakathi.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.