Ukukhulisa ukuKholwa kwakhoIsampula

Growing Your Faith

USUKU 1 KWEZINGU- 4

Ukwazi intando kaNkulunkulu

Ukuphila ungekho entandweni kaNkulunkulu kusibeka engozini; ukuphila entandweni yaKhe kusenza sibe yingozi. - Erwin McManus

Ingxenye yokukhula ku Kristu ukufunda ukuthi sinendima esiyidlalayo kukho. Yebo kungamandla kaNkulunkulu amangazoyo lawa asiguqulyo, kodwa sibamba iqhaza endleleni yokuguqulwa. Ebenganenelela uNkulunkulu ezimpilweni zethu kungadingeki nokuthi senze lutho, akENZI - sikhululekile ukwenza izinqumo zethu.

Sivame ukubonisa ukungabekezeli ezimpilweni zethu sifuna nokuthola imiphumela ngokushesha kunengqondo. Sifuna ukubukeka kangcono ngokwedlulele sisaye kozivivinya kuseyiviki elilodwa.. Sifuna ukunyuka isitebhisi somsebenzi kusenenyanga sifikile. Sifuna ukuba nabangani besikhathi eside sibe sazane isikhashana. Lezi zifiso zigcwaliseka uma sizinikela.Umasihlale ngokuqhubeka ekuzilolongeni, sasebenza kanzima emsebenzini wethu, satshala ebunganini, besesithola imiphumela.

Isibinelo esifanayo sisithola ebhayibhelini kwabaseRoma 12:2,ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.ZUL59

Kuyamangaza, impela? Singathanda ukukwazi ukuqonda intando Yakhe sisaphila emhlabeni. Kanti lendima isitshela ukuthi singakwenza lokhu ngeqiniso. Kodwa, kumele sikhethe ukungalingisi kwizindlela zalelizwe, kodwa, siguqulwe ngaphakathikuqala

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Growing Your Faith

Ibhayibheli linokuningi elikushoyo ngokuthi silikhulisa kanjani ukholo lwethu kanje nokuzinikela ngokuphelele ku Jesu. Njengoba esiguqula ngaphakathi nangaphandle, uyasimema ukuba sibe yingxenye yoguquko. Kuloluhlelo lwezinsuku ezine lwe Bhayibheli, sizongena ekuthini kusho ukuthin ukulandela Yena nsukuzonke siphile impilo enobu Christu phakathi.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.