Umoya Ongcwele: Ingabe Siyavutha Noma Asishi?Isampula

Holy Spirit: Are We Flammable Or Fireproof?

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Akusekho Okujwayelekile 

Umlilo oNgcwele ovela ekubhabhadisweni kukaMoya oNgcwele ushintsha isimo sakho kusuka kokujwayelekile kuya kokungajwayelekile. Uthatha igunya nomsebenzi waphezulu ukuze ungasaziphileli wena; udela ukwesaba kwakho kanye nezifiso zakho futhi uthathe inhloso yobuNkulunkulu. Uba isitsha esikhethiweyo.

UMose wayebone ihlathi nezihlahla nsuku zonke iminyaka engu-40. Akazange ahambe ebuka noma efunda izihlahla. Izihlahla zasehlane azikhangi, azilinywa, azinamibala noma aziqhakazi. Azizihle neze. Kodwa uNkulunkulu wathatha enye yazo, eyayijwayeleke kakhulu ngokwayo, wayenza yaba yinto engavamile. Yagqamuka amalangabi—kodwa ayizange ishe (Eksodusi 3:2). Khona-ke wakhuluma kuso—izwi elivela esihlahleni esivuthayo. UMose, ngandlela thile, wayefana nesihlahla—ejwayelekile futhi esezingeni eliphansi. Wayemane ewucezu lokhuni—umbulali ongumbaleki ocashela ubulungiswa ongenalo ikusasa. Wayengumalusi nje, futhi “bonke abelusi bayisinengiso kwabaseGibithe” (UGenesise 46:34, NIV). 

UMose wabona isihlahla sivutha singabi umlotha. Wayengazi ukuthi lesi yisikhathi esizoshintsha impilo. Enelukuluku lokufuna ukwazi, wachezuka ukuze asibone, esigqolozele ngokuthatheka. Khona-ke, ilangabi loBunkulunkulu lagxuma lisuka esihlahleni ladlulela emphefumulweni wakhe. UMose, umuntu ofayo, waba iNdoda Yomlilo. “Wenza...izinceku zakhe amalangabi omlilo” (KumaHeberu 1:7 NIV). Ngalolo suku, lapho uphambuka ukuze ubone isihlahla esivuthayo, ngeke usaba umuntu ojwayelekile.

“Ukushumayela ivangeli yinqola yomlilo enesithunywa esivuthayo, sishumayela iVangeli elivuthayo ngamasondo omlilo! Vumela uMoya oNgcwele enze impilo yakho ibe yinqola Yakhe.” Reinhard Bonnke

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Holy Spirit: Are We Flammable Or Fireproof?

Kukhona amandla ashukumisayo, avusa ukufa ngaphakathi kuwe. Umvangeli uReinhard Bonnke ukubhalele izimfundiso eziqinile ngoMoya oNgcwele futhi ukubhalele Amaphuzu Ashukumisayo Wamandla kuMoya oNgcwele. Lesi Sifundo Sezinsuku Eziyisi-7 sizobekela inselele ukucabanga kwakho ngoMoya oNgcwele futhi sikukhuthaze ukuba ukholelwe emandleni amangalisayo kaMoya ongaphakathi kuwe.

More

Sithanda ukubonga i-CfaN Christ For All Nations ngokusinikeza lolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://shopus.cfan.org/collections/reinhard-bonnke/products/holy-spirit-are-we-flammable-or-fireproof-english