Umoya Ongcwele: Ingabe Siyavutha Noma Asishi?Isampula
Asikwazi ukuzimela
Sidalelwe ukuncika emseni nasemandleni kaNkulunkulu. Ngaphandle Kwakhe, asinakwenza lutho (NgokukaJohane 15:5). Ukwenela kwethu kungokwakhe (2 Kwabasekorinte 3:5). Unkulunkulu ufaka uMoya wakhe kithi, ngoba siyamdinga ukuba asiduduze, asiqondise futhi asilungise. Uvula izipho Zakhe namandla kithi ngoba sikudingela umsebenzi Wakhe—impahla kamoya yokwenza umsebenzi wokomoya.
Asihlelelwelwe ukungena ebhizinisini ngokwethu ngenani elikhulu lakomoya futhi namandla okusenza sizimele. Asisibo abancinyana “bakakristu” abanamandla okuzenzela. Sithola, umzuzu nomzuzu, “ekugcwaleni” kukaKristu ukugcwala kwethu, njengamagatsha omvini amukela ubisi. Asiyona imivini ngokwethu, siphila ukuphila okuhlukene, kodwa siphelele kuYe (KwabaseKolose 2:10).
Asibizelwe ukuya ezizweni ngamandla ethu amancane ukuze abantu bacabange ukuthi singcono kangakanani. Besingabukisa ngelethu ithonya futhi senze izinhlansi zindize ihora; kodwa maduze isikhungo sethu samandla sizophelelwa uphethiloli. Asiwona amajeneretha; singabaphathi bamandla akhe. Kwabase-Efesu 1:22 no-23 kuyachaza “...ibandla, elingumzimba Wakhe, ukugcwala kwalowo ogcwalisa konke kukho konke.” Kufanele asigcwalise futhi ahambe ngathi. Siyizindlela hhayi umthombo. Ujesu wathi, “Njengoba igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuba lihlale emvinini, nani angeke, ngaphandle kokuba nihlale kimi.”— (Johane 15:4).
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Kukhona amandla ashukumisayo, avusa ukufa ngaphakathi kuwe. Umvangeli uReinhard Bonnke ukubhalele izimfundiso eziqinile ngoMoya oNgcwele futhi ukubhalele Amaphuzu Ashukumisayo Wamandla kuMoya oNgcwele. Lesi Sifundo Sezinsuku Eziyisi-7 sizobekela inselele ukucabanga kwakho ngoMoya oNgcwele futhi sikukhuthaze ukuba ukholelwe emandleni amangalisayo kaMoya ongaphakathi kuwe.
More