Beka Kuqala AbanyeIsampula

Put Others First

USUKU 5 KWEZINGU- 8

Uthando lukaNkulunkulu lufuna ukuthula.

Uma ukhetha uJesu ukuba abe umholi wempilo yakho, uMoya kaNkulunkulu uhlala ngaphakathi kuwe. Uma uvumela uMoya kaNkulunkulu ukuhole, wenza inhliziyo yakho ifune  ukuba nokuthula nabo bonke abakuzungezile. Kodwa, wonke umuntu unemicabango yobugovu, futhi. Ngisho noDavide kwadingeka anqume ukuthi wayezoziphindiselela yini kuSawule, noma amyeke ahambe. Thandaza kuNkulunkulu, futhi wenze okusemandleni akho ukuthi, “yebo!” ekuthuleni kukaNkulunkulu futhi, “cha!” emicabangweni yakho yobugovu. Uma wenza kanjalo, uMoya kaNkulunkulu uyakusiza ukuba ube nokuthula nabanye abalandela uJesu!

Tshela Othile: Ucabanga ukuthi uDavide wayecabangani lapho uSawule engena emhumeni uDavide namadoda akhe ayecashe kuwo na?

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Put Others First

Uthando lungu Nkulunkulu. Uthando luyisizathu sokufika kuka Jesu. Kodwa ukwazi ngothando lukaNkulunkulu akwanele. Bonisa uthando lukaNkulunkulu ngokubeka abanye kuqala! Kubazali: Ingane yakho izoba nokuqonda okujulile kokufunda kosuku ngalunye nemibuzo uma uqedela lolu hlelo ngayo. Lolu hlelo luhlanganisa imidlalo embalwa okufanele idlalelwe ukukhumbula ivesi. Ungase ufune ukugada ukusetshenziswa kwezinto.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.life.church