UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo MkrestuIsampula

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

USUKU 5 KWEZINGU- 5

USUKU 5: Kwenzakalani uma ngingaphothuli loko engikuqalile?

Unezinjongo ezinhle engqondweni, futhi wethemba ukuthi iNkosi izokuhola. Kodwa, kuzokwenzekani uma ungaphumeleli? Usaba ukuthi angeke ukuqede loko okuqalile, uzokona, futhi uzophoxa uNkulunkulu.

kunesisho esidumile esithi , "Wayekholwa ukuthi angakwazi nangempela wakwazi." IZwi lika Nkulunkulu lisembulela okujulile, iqiniso elikhululayo, kodwa: Wayekholwa ukuthiwayengeke akwazi, ngakhoke uNkulunkulu wenza. Wawungamele ukuthi ukwenze konke, Mngani. UNkulunkulu akalindele ukuthi ube ongenasici. Yingakho athumela uJesu ukuzosisindisa-Wayazi ukuthi sasidinga uMsindisi ukuthi abe ngamandla lapho sibuthaka, ukusiqondisa, ukusibonisa indlela, nokuthi athathe isijeziso sezono zethu. Inkonzo yiyona efaka umfutho kwizinjongo eziholwa ngu Nkulunkulu, isisize ukuthi sizizwe sikhuthazeka ukuthi sibuyele endleleni uma siphambuka. Lapho ungakwazi, Yena uyakwazi. Empeleni, usakwenza esiphambanweni. Noma ngabe ikuphi ophumelela noma ongaphumeleli kuko, uNkulunkulu usephumelele impulelelo enkulu ekusinqobeleni ukufa! Akukho lutho okubi ongalwenza angeke akwazi ukukuguqula kube yinto enhle.

Masikuhlanganise konke.

  • Funa ubuhlakani BakheEzinjongweni eziholwa ngu Nkulunkulu nasekuhleleni ngobuhlakani. Uzokunika!
  • Thatha izinyathelo ngokukholwa, ezinjongweni ezinkulu nasezinyathelweni ezibukeka zincane .
  • umethembe ukuthi uzothela umusa Wakhephezu kwakhoezikhathini eziningi ozophambuka kuzo-ngoba uzophambuka! Kodwa uma izinjongo zakho zibheke Kuye ngqo, angeke uwe. Uzobheka Kuye ukuthi akuphe amandla nokuhlakanipha, ngokwaziukuthiuzifeza kanjani izinjongo akunamsebenzi ngaphezu kokuthiuzibekeleni

Khuleka nami:Nkosi, Kube uhambo oluhle kangakanani eZwini lakho elinempilo! Ngisize ngenze okuthile ngalokhu engikufundile kanti okungaphezu kwako konke, ngisize ngabelane ngezindaba ezinhle zika Jesu. Yenza zonke izinjongo zami, ezinkulu nezincane, zingiholele ezinyaweni zakho. Kuthi lapho ngiphambuka, ungikhumbuze umusa wakho oguqulayo. Yenza lowo musa wakho ungiqhubezele phambili ukuthi ngiphilele inhloso Yakho empilweni yami! Ngegama lika Jesu. Amen!

Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!

More

Sithanda ukubonga i-CultivateWhat Matters ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininngwane vakashela: http://www.cultivatewhatmatters.com/youversion