UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo MkrestuIsampula

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

USUKU 4 KWEZINGU- 5

USUKU 4: Ngizifeza kanjani izinjongo zami ngaphandle kokwenyasa intando ka Nkulunkulu?

Usekuqaleni kokuthize, ufuna ukufeza izinjongo eziholwa ngu Nkulunkulu, kodwa.....uyesaba. Usaba ukuthatha isinyathelo salezo zinjongo, ujule kakhulu ekuzifezeni kangangoba sewuze wasusa uNkulunkulu ekwenzeni kwakho. Ungakwazi kanjani ukuthi uhlale ugxile ku Nkulunkulu, ube ufeza izinjongo zakho ngesikhathi esifanayo?

Okokuqala, izinjongo eziqotho zizokuholela enkambweni Yakhe, ezindleleni Zakhe, hhayi kude Naye.

Okwesibili, awuzukubeka izinjongo nogu kusukela lapho. UNkulunkulu ufuna ukuthi uhlale uxhumene Naye indlela yonke, futhi uzokubonisa. Ekugcineni, uYena oyinjongo. Ukulandela izinhloso anazo ngathi kufana nokulandela ibalazwe alidalile. Uyayazi indlela.

Njengoba wenza uma uhamba uhambo olude ngemoto, yilokhu ubheka ibalazwe ukuqiniseka ukuthi usahamba ngendlela eyiyo. Uma ulahlekelwa uhlelo, ungase uzithole usemgwaqweni ongawujwayele. Kodwa, phinda uzithathe ubuyele emuva, uzozithola sewubuyele endleleni eyiyo. UNkulunkulu akanandaba nokuthi uphumelele ngokungenasici endleleni yakho noma cha, ufuna inhliziyo yakho. Kanti futhi isinyathelo ngesinyathelo, umkhuleko ngomkhuleko, umzuzu ngomzuzu njengoba ufunana Naye, uzohlala endleleni eyiyo. Ukuxhumana Naye kuzokugcina usondelene naye

Khuleka nami:Nkosi, ngiyesana ukuqala indlela ekungeyona eyakho. Ngiyacela ungiphe umoya ekungewona wokwesaba, kodwa wamandla, wothando, nowokuzibamba (ngokukaThimothewu1:7). Ngiyabonga ngebe alazwe - kanye nokukwazi ukukhuleka kuwena ngqo! Ngisize ngihlale ngigxile kuWena njenge njongo yami esikhundleni zokuphakanyiswa ngabanye, amaphuzu noma ukujabuliswa ukuphothula izinto ezithize. Ngifuna ukukusebenzela kanzima ngezizathu ezifanele. Ngiyabonga ukungiqondisa nokungigcina endleleni Yakho! Ngegama lika Jesu. Amen.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

GOD + GOALS: How To Set Goals As A Christian

Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!

More

Sithanda ukubonga i-CultivateWhat Matters ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininngwane vakashela: http://www.cultivatewhatmatters.com/youversion