UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo MkrestuIsampula
USUKU 2: Uzokwazi kanjani ukuthi injongo isuka ku Nkulunkulu noma kuwena?
Usuqala ukubona manje ukuthi ngaphandle kwezinjongo, ungazithola uhamba ngaphandle kwenhloso lapha kulempilo, Izinjongo eziholwa ngu Nkulunkulu zinhle. Kodwa! uzokwazi kanjani ukuthi ziholwa ngu Nkulunkulu noma nguwena? Ungawubona kanjani umehluko? Usaba ukuthi uzokhetha izinjongo ekungezona!
Uyazi ukuthi yini enhle ngo Nkulunkulu? izinto eziningi, kodwa esingakusho, ukuthi ufuna ukuyiphila nawe lempilo. Uma uzizwa ulahlekile kwizinjongo nenhloso, noma ekukhetheni izindlela ezithile, Ufuna ukuthi umcele usizo - kanti uyathanda ukukusiza. U-Jakobe uthi, "Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu, obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa" (EkaJakobe 1:5).
Awazi noma izinhlelo zakho zikulungele yini ukwenziwa injongo!?
Vakashela uMdali wakho:-
Vula iZwi ubheke amavesi athile noma imilando eBhayibhelini evumelana nenjongo oyicabangayo.Ingabe injongo yakho iyahambisana neBhayibheli? Akhona amavesi athile avumelana nayo? "Yonke imibhalo iphefumulelwe ngu Nkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni" (kuThimothewu3:16).
- Mcele!Thandaza ucele uNkulunkulu ukuthi akubonise indlela Afuna ukuthi uyilandele. "Ngizakufundisa ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso Lami" (amahubo 32:8)
- Buza abangani abethembekile noma abeluleki abesaba uNkulunkulu"Lapho kungekho khona ukwelulekana amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma" (Izaga 15:22).
Khumbula, Ayikho ifomula yakangcezu elungisa konke, embula zonke izinjongo ngaphandle kuka Nkulunkulu uqobo Lwakhe. Uma izimpendulo zingakacaci, ungadikibali! Kungenzeka ukuthi enye yezindlela Afuna uyihambe. Ekulindeni, siyacoliswa silungiselelwe okuzayo. linda kubuhlakani bakhe, uzokunika ngesikhathi sakhe esihle!
Khuleka nami:Nkosi, ngiyabonga ngezwi lakho! Ngijabulela ukuqondiswa nobuhlakani. ngicela ungisize ungibonise umehluko phakathi kwezinjongo nezinhlelo eziphuma ekukuthandeni kwami nakho konke okunye. Ngisize ngazi izwi Lakho, ngethembe ukuholwa nguwe, bese ngifune Wena ngaphezu kwako konke. Ngegama lika Jesu. Amen!
Mayelana naloluHlelo
Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!
More