UMariya wayengu MamaIsampula

Mina nomyeni wami, kanye nezingane zethu eziningi sagibela imoto yethu salibangisa ekhaya sivela esontweni. Ngaphambi nje kokuba siqede uhambo lwamakhilomitha amathathu, omunye wabo uyabuza, “Heyi, iphi ingane?” Yebo. Sasishiye ingane yethu, uKatie, ilele kamnandi enkulisa yesonto. Ngokushesha, saphenduka ukuze sibuyele emuva ngemva kwakhe, sizizwa singabazali abadelelekile, abangenandaba. Kusukela ngaleso sikhathi, umyeni wami wayebala amakhanda isikhathi ngasinye ngaphambi kokuba sihambe.
UMariya noJosefa balahlekelwa uJesu eneminyaka eyishumi nambili. Ukuze kukhunjulwe umkhosi waminyaka yonke wePhasika eThempelini eJerusalema, umndeni wawuhamba, cishe, neqembu elikhulu labantu baseNazaretha. Lo mzila ungamakhilomitha angaba ngu-120 futhi ubuzothatha izinsuku ezimbalwa ukuwuhamba.
Ngemva kwemikhosi, lapho iqembu liqala ukuya ekhaya, kwathatha uMariya noJosefa izinsuku ezimbili ukuthola ukuthi uJesu wayengekho nabangani bakhe noma neminye imindeni. Nginesiqiniseko sokuthi bebephithizela ngesikhathi bephenduka bembheka. Anazi yini ukuthi babuza wonke umuntu abambonayo, enikeza incazelo yakhe, bethemba izindaba ezinhle? Emva kwezinsuku ezintathu bamthola! Uhlezi nabaholi beThempeli bebuza imibuzo, akanandaba nokukhathazeka kwabazali Bakhe.
“...Ndodana,” unina wathi kuye, “ukwenzeleni lokhu na? Mina noyihlo besilokhu simangele, sikufuna yonke indawo.” (NgokukaLuka 2:48 NLT )
Umbuzo ongaqondisiwe sonke esiwubuzayo, “Kungani wena wenze lokhu kimi?” Sisabela ngokomzwelo ezinhliziyweni zethu ezinobugovu ngokususa ukusola kwabanye, singafuni ukuthwala ihlazo lobuthakathaka bethu nokwehluleka kwethu.
UJesu waphendula wathi kuMariya: “Anazi yini ukuthi ngisemsebenzini kaBaba na?” Kwakuyinkulumo eshaqisayo eyayikhumbuza uMariya ngenjongo nobizo lukaJesu.
UMariya uyaphinda futhi ugcina lokhu enhliziyweni yakhe— uyazindla futhi ubeke engcebo, futhi.
Uzoyidinga lemicabango nezinkumbulo kamuva ngoba kukhona esinye isikhathi uMariya alahlekelwa ngaso uJesu.
Unaye njengoba ethwele isiphambano sokhuni ekhuphuka intaba. Akadeli ukusola, noma abuze imibuzo engalungile. Le Ndodana kaMariya, engathwali cala Layo, ithwele ukusola kwami emahlombe Ayo ashaywe nagobile. Unina ososizini umi eduze ebuka izinyembezi zakhe njengoba izibulo lakhe lizinikela ngokuzithandela ngenxa yakhe, ngenxa yami, ngenxa yakho, njengoba ebethelwe kulesosiphambano. Futhi njengoba Elenga ikhanda Lakhe futhi efa, ngiqinisekile ukuthi uMariya ukholelwa ukuthi inhliziyo yakhe izophuka.
Umlahlekele futhi. Akasekho. Kuphelile.
Kodwa siyazi ukuthi lokhu akusona isiphetho! Nakulokhu futhi, ngemva kwezinsuku ezintathu uJesu elahlekile kuye, kuzwakala izindaba, “Kakho lapha; uvukile njengokusho kwakhe. Cabanga ngenjabulo, ukumangala, izikhumbuzo zakho konke azigcine enhliziyweni yakhe lapho ezwa ukuthi akasekho. Yonke iminyaka ebuka iNdodana yakhe eyayingumuntu ngokuphelele, futhi inobuNkulunkulu ngokugcwele, ilwa futhi ikhetha njalo uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela—zonke izinqumo ezinzima, ezifanele zokulunga.
Ekujuleni kwakhe wakhumbula, wayazi.
NjengoMariya, singakwazi, sithembe, futhi sikholwe ukuthi inkambo esiyibekele izingane zethu izogcina ngokunqoba! Uyababamba, Uyabathanda, futhi Wenza indlela noma kubonakala ingekho indlela. UnguNkulunkulu othembekile.
UJesu uvukile! Uyakukholwa na? Ingabe uphila kukho?
Awu Baba ngiyabonga ngokungithola ngilahlekile. Ngiyabonga ngokuzinikela ngokuzithandela ngenxa yami. Sengathi ngingakunika inhliziyo yami ngokuzithandela—konke—ekushintsheni impilo Yakho oyinikela ngesihle ngenxa yami. Yeka ukuhwebelana okukhazimulayo!
Sengathi injabulo Yakhe ingaphakama enhliziyweni yakho phakathi nalesi sikhathi futhi njalo njengoba ubeka inhliziyo yakho, impilo yakho, kanye nezingane zakho ezandleni Zakhe ezinothando, ezihlakaniphile, ezinezibazi zezipikili. Wena, noma bona, abalahlekile, kodwa batholakele!
Xhuma no-Robin ku-Instagram @manymeadows.
Sithemba ukuthi lolu hlelo lukukhuthazile. Hlola Ezinye Izinsiza ezivela ku-YouVersion
Mayelana naloluHlelo

Ukuba ngumama ku ubizo olungathandeki kodwa oluxakile lwabesifazane abaningi. Yini esingayiqonda futhi siyifunde kowesifazane owakhethwa ukuba azale uMesiya? Joyina uRobin Meadows kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-7 olumayelana noMariya, unina kaJesu.
More