UMariya wayengu MamaIsampula

Mary Was a Mom

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Intombazane eyakhethwa uNkulunkulu ukuba izale iNdodana Yakhe yodwa yayifana nami nawe. Kuwo wonke umlando wayebonakala eyintombazane ejwayelekile, kodwa wamkhetha ngenjongo emangalisayo. Wayengayena owozalo lwasebukhosini futhi wayengakadumi, kodwa emehlweni kaNkulunkulu wayengeyenaojwayelekile. Wayeyazi inhliziyo yakhe. Okwakhe kwakuyinhliziyo evumayo, ephendukele  kuYe ngokugcwele. Lezi kwakuyizimfanelo ezithobekile ezahlukanisa uMariya ngomsebenzi omuhle kakhulu—umsebenzi wokuba umama weNdodana Yakhe. 

Ohlelweni lukaNkulunkulu olukhazimulayo-isu Ayelazi futhi ayelisungule ngaphambi kokukhuluma umhlaba ube khona-Wakhetha le ntombazane encane. Waphinde wakhetha isikhathi nendawo ethile emlandweni wonke ukuba azilethe kithi, u-Imanuweli. Wayengafika nganoma iyiphi indlela, ngisho egibele amafu enkazimulo njengoba Ezokwenza ngolunye usuku. Kunalokho, weza njengosana olungenakuzisiza, oluswele—engumuntu ngokuphelele, futhi uNkulunkulu ngokuphelele.  

Futhi uNkulunkulu wakhetha uMariya ukuthi abe ngumama.

Ukuba ngumama kuwubizo olujwayelekile, olunganambitheki lwabesifazane abaningi. Futhi nakuba umsebenzi walo mama wawumkhulu kakhulu kuBani ayemthwele, ukuphila kwakhe kwakungebalulekile kakhulu kuneyakho. 

UMariya wayeyisimangaliso, nawe ngokunjalo. Njengoba nje uNkulunkulu ekhethe umuntu okhethekile ukuba abe umama wendodana Yakhe, uNkulunkulu ngokukhethekile wakhetha wena ukuba umake abantwana bakho. Ukuphila kwakhe akuzenzakalelanga noma akubanga yingozi neyakho ngokunjalo. Singazibona futhi sifunde empilweni kaMariya yenjabulo nobuhlungu benhliziyo, ukuhleka nokulangazelela, ukholo nokwesaba. Wayengumama, njengami nawe. 

Ngaphambi kokuqala kwesikhathi uNkulunkulu wabeka umkhondo wempilo yakho. Bonke abeza ngaphambi kwakho—ifa lakho nemvelaphi yakho—kayalwe ukuba kube kulesi sikhathi nasendaweni ethile emlandweni. Wayazi ukuthi lesi kwakuyisikhundla esihle kakhulu ngesikhathi kanye nendawo ephelele emhlabeni ukuze umazi Yena nempilo yakho ibonise inkazimulo nobuhle Bakhe, ikakhulukazi ezimpilweni zabantwana bakho. 

Njengoba uNkulunkulu amazi uMariya, uyakwazi futhi ukuhlelele impilo emnandi, echichimayo yobuhle nomusa. Uyakukholelwa lokhu ngokwakho?

Baba, ngisize ngibone izigxivizo zeminwe yakho kukho konke ukuphila kwami, okungiletha kulesi sikhathi nendawo emlandweni. Ngifisa, ngamandla kaMoya wakho oNgcwele, ukuzimisela ukwamukela konke ongiphathele kona, ngisho nobunzima. Ngiphendulela inhliziyo yami kuWe futhi ngikhetha ukukholwa ukuthi umusa Wakho unami—indodakazi Yakho ekhethiweyo—njengoba umusa Wakho wawukuMariya. 

Mhlawumbe indlela okhuliswe ngayo kanye nozalo lomndeni wakho akuzona ezinhle. Njengoba ufunda imibhalo yanamuhla kwangathi ungathola induduzo ngokwazi ukuthi noJesu wavela ohlwini olude lwabantu abaphukile. 

Cabanga ukusebenzisa I-MSG ekufundeni kwanamuhla.

 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Mary Was a Mom

Ukuba ngumama  ku ubizo olungathandeki kodwa  oluxakile lwabesifazane abaningi. Yini esingayiqonda futhi siyifunde kowesifazane owakhethwa ukuba azale uMesiya? Joyina uRobin Meadows kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-7 olumayelana noMariya, unina kaJesu. 

More

Sithanda ukubonga uRobin Meadows ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://tinyurl.com/ybn82y4a