NgokukaLuka 2:39-52

NgokukaLuka 2:39-52 ZUL59

Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika. Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.” Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?” Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 2:39-52

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo