Luka 2:39-52

Luka 2:39-52 CZB24

Sebefeze konke ngokomthetho weNkosi, babuyela eGalile emzini wakubo eNazaretha. Umntwana wakhula, waba namandla, egcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka ngeminyaka ngomkhosi wePhasika. Kwathi eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphukela eJerusalema njengomkhuba womkhosi. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema; uJosefa lonina babengazi. Kepha bona babethi uphakathi kwesixuku bahamba ibanga losuku; bamdinga phakathi kwezihlobo nezihlobo zabo. Kuthe bengamtholi, babuyela eJerusalema, bemfuna. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi, ebazwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe. Sebembonile bamangala; unina wathi kuye: Mntwana, usenzeleni okunje? bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi. Wathi kubo: Beningifunelani na? beningazi yini ukuthi ngifanele ukuba kokukaBaba na? Kepha bona abakuqondanga lokho abekusho kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni nasekukhuleni nasekuthandeni uNkulunkulu nakubantu.

Funda Luka 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 2:39-52