NgokukaLuka 2:39-52
NgokukaLuka 2:39-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Sebefeze konke ngokomthetho weNkosi, babuyela eGalile emzini wakubo eNazaretha. Umntwana wakhula, waba namandla, egcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka ngeminyaka ngomkhosi wePhasika. Kwathi eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphukela eJerusalema njengomkhuba womkhosi. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema; uJosefa lonina babengazi. Kepha bona babethi uphakathi kwesixuku bahamba ibanga losuku; bamdinga phakathi kwezihlobo nezihlobo zabo. Kuthe bengamtholi, babuyela eJerusalema, bemfuna. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi, ebazwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe. Sebembonile bamangala; unina wathi kuye: Mntwana, usenzeleni okunje? bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi. Wathi kubo: Beningifunelani na? beningazi yini ukuthi ngifanele ukuba kokukaBaba na? Kepha bona abakuqondanga lokho abekusho kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni nasekukhuleni nasekuthandeni uNkulunkulu nakubantu.
NgokukaLuka 2:39-52 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 2:39-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sebekufeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile, emzini wakubo, iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika. UJesu eseneminyaka eli-12 bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Seziphelile izinsuku, sebebuyela emuva, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Becabanga ukuthi uphakathi kwababehambisana nabo, bahamba ibanga losuku bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Kwathi lapho bengamtholi babuyela eJerusalema, beyomfuna. Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Abazali bakhe bathi bengambona bamangala, unina wathi kuye: “Mntanami, ukwenzeleni lokhu kithi na? Uyihlo nami besikufuna, sikhathazekile.” Wabaphendula wathi: “Kade ningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?” Kepha abaliqondanga izwi alikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.
NgokukaLuka 2:39-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika. Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.” Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?” Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.