NgokukaLuka 2:39-52

NgokukaLuka 2:39-52 ZUL20

Kwathi sebekufeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile, emzini wakubo, iNazaretha. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika. UJesu eseneminyaka eli-12 bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. Seziphelile izinsuku, sebebuyela emuva, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Becabanga ukuthi uphakathi kwababehambisana nabo, bahamba ibanga losuku bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. Kwathi lapho bengamtholi babuyela eJerusalema, beyomfuna. Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. Abazali bakhe bathi bengambona bamangala, unina wathi kuye: “Mntanami, ukwenzeleni lokhu kithi na? Uyihlo nami besikufuna, sikhathazekile.” Wabaphendula wathi: “Kade ningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?” Kepha abaliqondanga izwi alikhuluma kubo. Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe. UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 2:39-52