IsAmbulo 2:18-29
IsAmbulo 2:18-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi: Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe; ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe. Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe; ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe. Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo; kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike. “Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe; uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba; futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
IsAmbulo 2:18-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ikushoyo iNdodana kaNkulunkulu, enamehlo anjengelangabi lomlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo; Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukhonza, nokukholwa, nokubekezela kwakho, nemisebenzi yakho; futhi abokugcina babe baningi kunezokuqala. Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe. Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga. Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo. Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo; Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo. Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike. Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe; Uyakuzibusa ngentonga yensimbi; njengezitsha zombumbi ziyakuphahlazwa, njengalokho nami ngamukele kuBaba. Ngizamnika ikhwezi lokusa. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
IsAmbulo 2:18-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi: ngiyayazi imisebenzi yakho, uthando, ukukholwa, ukukhonza nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. “ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe. Ngamnika ithuba lokuba aphenduke, kodwa akavumi ukuphenduka ebufebeni bakhe. Manje ngimphonsa embhedeni nalabo abaphinga naye, ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, ngaphandle kokuba baphenduke emisebenzini yakhe. Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe. Kepha ngithi kini eniseleyo eThiyathira, nina nonke eningenayo le mfundiso, eningakwazi okujulileyo kukaSathane njengalokhu besho, anginethwesi omunye umthwalo, kodwa bambisisani lokhu eninakho, ngize ngifike. “ ‘Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika ilungelo lokubusa phezu kwezizwe. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphihlizwe njengezitsha ezibunjiweyo. Njengalokhu nami ngamukele kuBaba; ngiyakumnika futhi indonsa. Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”
IsAmbulo 2:18-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)