IsAmbulo 2

2
IsAmbulo 2
1Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;
2Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi;
3wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla.
4Kepha nginento ngawe, ngokuba uluyekile uthando lwakho lokuqala.
5Ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilususe uthi lwesibane sakho endaweni yalo, ngaphandle kokuthi uphenduke.
6Kodwa unakho lokhu, ukuthi uyazizonda izenzo zamaNikolawu, engizizondayo lami.
7Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.
8Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile, futhi wabuye waphila;
9Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.
10Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.
11Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.
12Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili;
13Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.
14Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.
15Kanjalo nawe unababambisisa isifundiso samaNikolawu, into engiyizondayo.
16Phendukani; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.
17Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.
18Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ikushoyo iNdodana kaNkulunkulu, enamehlo anjengelangabi lomlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo;
19Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukhonza, nokukholwa, nokubekezela kwakho, nemisebenzi yakho; futhi abokugcina babe baningi kunezokuqala.
20Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.
21Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga.
22Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo.
23Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;
24Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo.
25Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.
26Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;
27Uyakuzibusa ngentonga yensimbi; njengezitsha zombumbi ziyakuphahlazwa, njengalokho nami ngamukele kuBaba.
28Ngizamnika ikhwezi lokusa.
29Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.

Okuqokiwe okwamanje:

IsAmbulo 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo