ISambulo 2:18-29

ISambulo 2:18-29 ZUL20

“Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi: ngiyayazi imisebenzi yakho, uthando, ukukholwa, ukukhonza nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. “ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe. Ngamnika ithuba lokuba aphenduke, kodwa akavumi ukuphenduka ebufebeni bakhe. Manje ngimphonsa embhedeni nalabo abaphinga naye, ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, ngaphandle kokuba baphenduke emisebenzini yakhe. Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe. Kepha ngithi kini eniseleyo eThiyathira, nina nonke eningenayo le mfundiso, eningakwazi okujulileyo kukaSathane njengalokhu besho, anginethwesi omunye umthwalo, kodwa bambisisani lokhu eninakho, ngize ngifike. “ ‘Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika ilungelo lokubusa phezu kwezizwe. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphihlizwe njengezitsha ezibunjiweyo. Njengalokhu nami ngamukele kuBaba; ngiyakumnika futhi indonsa. Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”