ISambulo 2

2
UJohane Uyalwa Ngalokhu Azakukulobela Ingelosi Yebandla Lase-Efesu, NaseSmirna, NasePhergamu, NaseThiyathira
1 “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba, ukuthi:
“ ‘Nakhu okushiwo yilowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, uthi: 2 ngiyayazi imisebenzi yakho, ukusebenza kanzima, nokubekezela kwakho, nokuthi awubabekezeleli ababi, nokuthi wabavivinya labo ababezibiza ngabaphostoli bebe bengesibo, wabafumana beqamba amanga. 3 Wakhuthazela, futhi wabekezela ngenxa yegama lami; awuzange ukhathale.
4 “ ‘Kepha ngihlushwa yilokhu ngawe, ukuthi usululahlile uthando lokuqala. 5 Ngakho-ke khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala, kodwa uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngizakulususa uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma nje ungaphenduki. 6 Kepha okuhle ngawe yilokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikholawu, engiyizondayo nami.
7 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’
8 “Nakuyo ingelosi yebandla laseSimirna loba ukuthi:
“ ‘Nakhu akushoyo ongowokuqala nowokugcina, owayefile kodwa osephila, uthi: 9 ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kodwa ube ucebile, nenhlamba yalabo abathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane. 10 Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.
11 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’
Izwi Eliqondene Nebandla LasePhergamu
12 “Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba, ukuthi:
“ ‘Usho lokhu onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi: 13ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.
14 “ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe. 15Kanjalo nakuwe bakhona futhi ababambisise imfundiso yamaNikholawu. 16 Ngakho-ke phendukani, uma kungenjalo, ngizoza kini ngokuphazima kweso, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.
17 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’
18 “Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi:
“ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi: 19ngiyayazi imisebenzi yakho, uthando, ukukholwa, ukukhonza nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.
20 “ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe. 21 Ngamnika ithuba lokuba aphenduke, kodwa akavumi ukuphenduka ebufebeni bakhe. 22Manje ngimphonsa embhedeni nalabo abaphinga naye, ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, ngaphandle kokuba baphenduke emisebenzini yakhe. 23 Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe. 24Kepha ngithi kini eniseleyo eThiyathira, nina nonke eningenayo le mfundiso, eningakwazi okujulileyo kukaSathane njengalokhu besho, anginethwesi omunye umthwalo, 25kodwa bambisisani lokhu eninakho, ngize ngifike.
26 “ ‘Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika ilungelo lokubusa phezu kwezizwe. 27 Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphihlizwe njengezitsha ezibunjiweyo. 28 Njengalokhu nami ngamukele kuBaba; ngiyakumnika futhi indonsa. 29Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

ISambulo 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo