ISambulo 1

1
UJohane Unikwa Isambulo SikaJesu Ngengelosi
1 Isambulo sikaJesu Khristu uNkulunkulu amnika sona ukuba akhombise izinceku zakhe izinto ezizokwenzeka masinyane. Wathumela ingelosi yakhe ukuba iyikhombise inceku yakhe uJohane, 2owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Khristu, ngakho konke akubona. 3 Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze.
UJohane Ubingelela Amabandla Ayisikhombisa
4 UJohane, kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: makube kinina umusa nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, 5 nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe, 6 wasenza saba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu uYise, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade. Amen. 7 Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.
8 “Mina ngiyiSiqalo neSiphetho,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona, owayekhona, nozayo, uSomandla.”
UJesu Ezibonakalisa KuJohane Esesiqhingini IPhatmose
9 Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu. 10NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo, 11 lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”
12 Ngaphenduka ukuba ngibone leli lizwi elalikhuma nami. Sengiphenduka, ngabona izinti zezibani zegolide eziyisikhombisa. 13 Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni. 14 Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, nanjengeqhwa, amehlo akhe enjengamalangabi omlilo. 15 Izinyawo zakhe zazifana nethusi elikhazimula sengathi lisesithandweni somlilo, izwi lakhe linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi. 16 Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.
17 Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina, 18 nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.
19“Ngakho-ke loba lokhu okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emuva kwalokho. 20Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”

Okuqokiwe okwamanje:

ISambulo 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo