IsAmbulo 2:18-29

IsAmbulo 2:18-29 ZUL59

“Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi: Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe; ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe. Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe; ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe. Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo; kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike. “Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe; uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba; futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.