IsAmbulo 2:18-29

IsAmbulo 2:18-29 ZULUNT

Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ikushoyo iNdodana kaNkulunkulu, enamehlo anjengelangabi lomlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo; Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukhonza, nokukholwa, nokubekezela kwakho, nemisebenzi yakho; futhi abokugcina babe baningi kunezokuqala. Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe. Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga. Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo. Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo; Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo. Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike. Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe; Uyakuzibusa ngentonga yensimbi; njengezitsha zombumbi ziyakuphahlazwa, njengalokho nami ngamukele kuBaba. Ngizamnika ikhwezi lokusa. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.