KwabaseGalathiya 1:1-5
KwabaseGalathiya 1:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPawula, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Khristu noNkulunkulu uYise, Yena owavusa uJesu kwabafileyo, nabazalwane bonke abanami kuwo wonke amabandla aseGalathiya: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu, owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu. Makube udumo kuye kuze kube phakade naphakade. Amen.
KwabaseGalathiya 1:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo, nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu; makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen.
KwabaseGalathiya 1:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo; Nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya; Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini yethu uJesu Kristu. owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asikhulule kulelilizwe elibi lamanje, ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu; Makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
KwabaseGalathiya 1:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo; Nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya; Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini yethu uJesu Kristu. Owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asikhulule kulelilizwe elibi lamanje, ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu; Makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.