KwabaseGalathiya 1

1
KwabaseGalathiya 1
1UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;
2Nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya;
3Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini yethu uJesu Kristu.
4owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asikhulule kulelilizwe elibi lamanje, ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu;
5Makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
6Ngiyamangala ngokuthi nihlubuke masinya kangaka kulowo owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli;
7Okungesikho okunye; kepha bakhona abanihluphayo, befuna ukuphendukezela ivangeli likaKristu.
8Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.
9Njengoba sesishilo ngaphambili, ngiyaphinda futhi manje: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.
10Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.
11Kepha ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elashunyayelwa yimina aliveli kubantu.
12Ngokuba nami angilamukelanga kumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngokwambulelwa nguJesu Kristu.
13Ngokuba nizwile ngokuziphatha kwami kwakudala enkolweni yamaJuda, ukuthi ngangizingela ngokungenakulinganiswa ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha;
14futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.
15Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe;
16ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.
17Angenyukelanga futhi eJerusalema kubo ababengabaphostoli ngaphambi kwami; kepha ngaya e-Arabiya, ngabuye ngabuyela eDamaseku.
18Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uPetru, ngahlala naye izinsuku eziyishumi nanhlanu.
19Kodwa kangibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umfowabo weNkosi.
20Kepha lokhu enginilobela khona, bhekani, phambi kukaNkulunkulu angiqambi amanga.
21Emva kwalokho ngafika emazweni aseSiriya naseKhilikhiya;
22njalo ngangingaziwa ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu.
23Kodwa babezwile kuphela ukuthi: Lowo owayesihlupha kudala useshumayela ukukholwa ayekuchitha.
24Basebekhazimulisa uNkulunkulu ngami.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 1: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo