KwabaseGalathiya 2

2
KwabaseGalathiya 2
1Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngathatha noThithu.
2Ngenyuka ngesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe, kepha ngasese kwabadumileyo, funa mhlawumbe ngigijime noma ngigijimele ize.
3Kepha noThithu owayenami kaphoqwanga ukuba asokwe, engumGreki;
4futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;
5esabanika ngokuzithoba, hatshi okwehola; ukuze iqiniso levangeli lihlale kini.
6Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;
7Kepha ngokuphambene, sebebonile ukuthi ngiphathiswe ivangeli labangasokile, njengalokho lenziwa kuPetru ivangeli labasokile;
8Ngokuba yena owasebenza ngokuphumelelayo kuPetru ebuphostoli bokusoka nguyena owayenamandla kimi kwabezizwe;)
9Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.
10Bathanda ukuthi sikhumbule abayanga; lokho nami ebengikulangazelela ukukwenza.
11Kepha uPetru esefikile e-Antiyokiya ngamelana naye ebusweni, ngokuba wayenecala.
12Ngokuba bengakafiki abathile ababevela kuJakobe, wadla nabezizwe;
13Nabanye abaJuda bazenzisa kanye naye; waze wathatheka noBarnabasi ngokuzenzisa kwabo.
14Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?
15Thina esingabaJuda ngemvelo, singezona izoni kwabezizwe;
16sisazi ukuthi umuntu kalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwangokholo lukaJesu Kristu, lathi sakholwa kuKristu Jesu, ukuze silungisiswe ngokukholwa kuKristu, njalo kungeyisikho ngemisebenzi yomlayo; ngoba ngemisebenzi yomthetho kakulanyama ezalungisiswa.
17Kepha uma thina, lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu, nathi ngokwethu sifunyanwa siyizoni, ngakho uKristu uyisikhonzi sesono na? UNkulunkulu akakuvumeli.
18Ngokuba uma ngibuye ngakhe lokho engikuchithile, ngizenza oweqa.
19Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile kuNkulunkulu.
20Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
21Angiwujabhi umusa kaNkulunkulu; ngokuba uma ukulunga kuvela ngomthetho, khona uKristu wafela ize.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo