KwabaseGalathiya 1:1-5

KwabaseGalathiya 1:1-5 ZUL20

UPawula, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Khristu noNkulunkulu uYise, Yena owavusa uJesu kwabafileyo, nabazalwane bonke abanami kuwo wonke amabandla aseGalathiya: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu, owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu. Makube udumo kuye kuze kube phakade naphakade. Amen.