KwabaseGalathiya 1

1
Isibingelelo
1 UPawula, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Khristu noNkulunkulu uYise, Yena owavusa uJesu kwabafileyo, 2 nabazalwane bonke abanami kuwo wonke amabandla aseGalathiya: 3 makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu, 4 owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu. 5 Makube udumo kuye kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ukuhlubuka KwabaseGalathiya Kulo Ivangeli Eliyilo
6 Ngiyamangala ukuthi senimhlubuke ngokushesha okungaka owanibiza ngomusa kaKhristu, nina-ke seniya kwelinye ivangeli. 7 Kungeyikho ukuthi ngelinye nje, kodwa kukhona abanididayo, beqonde ukuhlanekezela ivangeli likaKhristu. 8 Kepha noma ngabe yithi noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo esanishumayeza lona, lowo makaqalekiswe. 9 Njengalokho sasho phambilini, sisasho namanje ukuthi uma kukhona onishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo enalemukelayo, lowo makaqalekiswe.
UPawula Wathola Ubuphostoli KuNkulunkulu
10 Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu. 11 Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elishunyayelwe yimi akusilo elivela kubantu. 12 Nami angilemukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngalemukela ngokwambulelwa nguJesu Khristu. 13 Phela nizwile ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni, ukuthi ngalihlupha kakhulu kangakanani ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha. 14 Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami. 15 Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe, 16ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi. 17 Angenyukelanga ngisho naseJerusalema kubaphostoli ababephambi kwami, kodwa ngaya e-Arabhiya ngase ngibuyela eDamaseku. 18 Kwathi emva kweminyaka emithathu, ngakhuphukela eJerusalema ukuze ngiyobonana noKhefase futhi ngazane naye. Ngahlala naye izinsuku ezili-15. 19 Angibabonanga abanye abaphostoli ngaphandle kukaJakobe umnewabo weNkosi. 20 Manje-ke, izinto enginilobela zona, phambi kukaNkulunkulu, azisiwona amanga. 21 Emveni kwalokho, ngaya ezifundeni eSiriya naseKhilikhiya. 22 Kepha mina siqu ngangingaziwa ngamabandla aseJudiya akuKhristu, 23 kuphela nje ayezwa ukuthi: “Lowo owayesizingela, manje useshumayela ivangeli lokukholwa ayekade elichitha.”
24 Ayesemdumisa uNkulunkulu ngami.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo