KwabaseGalathiya 2

2
UPawula Wamukelwa Ngabanye Abaphostoli
1 Kwathi emva kweminyaka eli-14, ngabuye ngakhuphukela eJerusalema, ngihamba noBharnabha noThithu. 2 Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe. Kepha lokho ngakukhuluma sesisodwa nalabo abadumileyo, funa mhlawumbe ngigijimele ize, noma sengaligijimela. 3 Kepha ngisho uThithu esasihamba naye engumGriki, akaphoqwanga ukuba asoke.
4 Kukhona abazalwane mbumbulu abangena isinyenyela bezokuba yizinhloli zenkululeko esinayo kuKhristu uJesu, ukuze basenze izigqila. 5 Kepha ukuze nilondelwe iqiniso levangeli ukuba liqhubeke ngani, asizange sihlehle ngisho nakancane nje ukuba sibathobele.
6 Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho. 7 Kepha kunalokho, sebebonile ukuthi nginikezwe ukushumayela ivangeli kwabangasokile njengokuba uPhethro enikezwe ukwenza kanjalo kwabasokayo. 8 Ngokuba Yena owanika uPhethro ukuba abe ngumphostoli kwabasokileyo, uyasebenza nakimi kwabezizwe. 9 Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo, 10 Kuphela sikhumbule abampofu, okuyiyona nto nami ebengilangezelela ukuyenza.
UPawula Ulwela Ivangeli Emelene NoPhethro E-Antiyokhe
11Kepha lapho uKhefase efika e-Antiyokhe, ngamelana naye ubuso nobuso, lokhu wayenecala. 12 Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe, kodwa lapho sebefikile, wamonyuka, wazehlukanisa nabo, ngokuba esaba abokusoka. 13Nabanye abaJuda bazenzisa njengaye, noBharnabha waze wathatheka ngokuzenzisa kwabo.
14 Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?
15 “Thina esingabaJuda ngokwemvelo, singesizo izoni zabezizwe; 16 sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwa ngokukholwa kuphela kuJesu Khristu, nathi sikholwa kuJesu Khristu ukuba silungisiswe ngokukholwa kuKhristu, hhayi ngemisebenzi yomthetho, ngokuba ngemisebenzi yomthetho, akukho muntu oyakulungisiswa.
17“Kepha manje, uma nathi sifuna ukulungisisiswa ngoKhristu, safunyanwa nathi siyizoni, ngabe uKhristu uyisikhonzi sesono na? Akunjalo neze. 18Ngokuba uma ngivuselela lokho engangikubhidlizile, ngiyafakaza ukuthi ngiyisephulamthetho. 19 Ngokuba mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile noNkulunkulu ngibethelwe noKhristu. 20 Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami. 21 Angiwushayi indiva umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, lokho kusho ukuthi uKhristu wafela ize.”

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo