KwabaseGalathiya 3

3
UMoya Wamukelwa Ngokukholwa
1 Maye ziwula zamaGalathiya! Niluthwe ngubani nina enachazelwa ngoJesu Khristu ebethelwe esiphambanweni, kwaba sengathi nimbona ngamehlo na? 2 Ngifuna ukwazi lokhu kuphela kini, ukuthi namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na? 3Nilutheke kangako yini ukuba nithi niqale kuMoya, kodwa senigcina ngemisebenzi yenyama na? 4 Nahlushwa ngazo zonke lezi zinto ngeze na? Phela lokho impela kungabe kwakuyize. 5 Ngabe oninika uMoya aveze imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza lokho ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?
Umuntu Ulungisiswa Ngokukholwa
6 Njengalokho u-Abhrahama akholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, 7 yazini lokhu ukuthi abokukholwa yibo abalulibo luka-Abhrahama. 8 Umbhalo wakubona ngaphambi kwalokho ukuthi uNkulunkulu uyakuzilungisisa izizwe ngokukholwa, ngakho-ke ivangeli lashunyayelwa phambilini ku-Abhrahama, ukuthi: “Zonke izizwe ziyakubusiswa kuwe.”
9Ngalokho-ke abokukholwa babusisiwe kanye no-Abhrahama owayekholwa.
10 Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”
11 Kusobala manje ukuthi akekho umuntu olungisiswa ngomthetho phambi kukaNkulunkulu, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa. 12 Kepha umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa lowo owenza zonke lezi zinto uyakuphila ngazo. 13 UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,” 14 ukuba isibusiso sika-Abhrahama ngoJesu Khristu sifinyelele kwabezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
Umthetho Nesithembiso
15 Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu, ukuthi akukho muntu ongesula noma anezele esivumelwaneni esenziwe saqiniswa ngumuntu. 16 Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu. 17 Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso. 18 Ngokuba uma ifa lizuzwa ngomthetho, akusayi ngesithembiso, kodwa uNkulunkulu umnikile u-Abhrahama lona ngesethembiso.
Inhloso Yomthetho
19 Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli. 20 Umlamuleli ubalulekile uma kukhona izinhla ezimbili; kasiye owoyedwa, kepha uNkulunkulu munye.
21 Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho. 22 Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo.
Umthetho Ongumyali Uyisa KuKhristu
23 Kodwa ngaphambi kokuba kufike ukukholwa, sasivalelwe phansi komthetho, sasiqashelwe yiwo kwaze kwembulwa ukukholwa. 24 Ngakho umthetho wawungumqaphi wethu osiyisa kuKhristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. 25Lokhu ukukholwa sekwafika, asisekho phansi komthetho.
26 Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu. 27 Ngokuba nonke enabhabhadiselwa kuKhristu, nembatha uKhristu. 28 Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu. 29 Kepha uma ningabakaKhristu, seningabolibo luka-Abhrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo