KwabaseGalathiya 1:1-5

KwabaseGalathiya 1:1-5 ZUL59

UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo, nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu; makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen.