Amahubo 73:23-26

Amahubo 73:23-26 CZB24

Kodwa mina nginani njalo; ungibambe ngesandla sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, ungamukele kamuva enkazimulweni. Ngubani enginaye ezulwini ngaphandle kwakho? futhi kakho emhlabeni engimfisayo ngaphandle kwakho. Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.