Amahubo 73

73
Amahubo 73
Uyongihola ngeseluleko sakho futhi ungamukele kamuva enkazimulweni
1Ihubo lika-Asafa. Yebo, uNkulunkulu muhle ku-Israyeli, kubo abahlanzekile enhliziyweni.
2Kepha mina, izinyawo zami sezicishe zamuka; izinyathelo zami zacishe zashelela.
3Ngokuba ngaba nomhawu ngeziwula lapho ngibona ukuchuma kwababi.
4Ngokuba azikho izibopho ekufeni kwabo, kepha amandla abo aqinile.
5Abekho enkingeni njengabanye abantu; futhi abahlukunyezwa njengabanye abantu.
6Ngakho ukuziqhenya kubahaqa njengeketanga; ubudlwangudlwangu bubambozile njengengubo.
7Amehlo abo agqamile ngamanoni; banokuningi okukufiswa yinhliziyo.
8Bakhohlakele futhi bakhuluma kabi ngosizi; bakhuluma ngokuzidla.
9Umlomo wabo bawubeke ezulwini, nolimi lwabo luhamba emhlabeni.
10Ngakho-ke abantu bakhe babuyela lapha, futhi amanzi enkomishi egcwele abajikijelwa.
11Bathi: “UNkulunkulu ukwazi kanjani lokhu na?” Kukhona ukwazi koPhezukonke na?
12Bheka, ngababi abaphumelelayo emhlabeni; bandisa ingcebo.
13Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngageza izandla zami ngingenacala.
14Ngokuba ngihluphekile usuku lonke, ngijeziswa ekuseni njalo.
15Uma ngithi: Ngizokhuluma kanje; bheka, bengiyakucasula isizukulwane sabantwana bakho.
16Lapho ngicabanga ukukwazi lokhu, kwaba buhlungu kimi;
17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu; ngase ngiqonda isiphetho sabo.
18Impela ubabekile ezindaweni ezibushelelezi, wabaphonsa ekubhujisweni.
19Yeka indlela ababhujiswa ngayo ngokuphazima kweso! baqedwa ngokuphelele yingebhe.
20Njengephupho lapho umuntu evuka; ngakho-ke, Nkosi, lapho uvuka, uzodelela umfanekiso wabo.
21Ngakho inhliziyo yami yaba lusizi, futhi ngahlatshwa ezinso zami.
22Ngangiyisiwula futhi ngingenalwazi: Nganginjengesilwane phambi kwakho.
23Kodwa mina nginani njalo; ungibambe ngesandla sokunene.
24Uyakungihola ngesiluleko sakho, ungamukele kamuva enkazimulweni.
25Ngubani enginaye ezulwini ngaphandle kwakho? futhi kakho emhlabeni engimfisayo ngaphandle kwakho.
26Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
27Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; ubabhubhisile bonke abaphinga kuwe.
28Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngibeke ithemba lami eNkosini uJehova, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 73: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo