AmaHubo 73:23-26
AmaHubo 73:23-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
AmaHubo 73:23-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
AmaHubo 73:23-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa mina nginani njalo; ungibambe ngesandla sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, ungamukele kamuva enkazimulweni. Ngubani enginaye ezulwini ngaphandle kwakho? futhi kakho emhlabeni engimfisayo ngaphandle kwakho. Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.