AMahubo 73

73
INCWADI YESITHATHU
AMah. 73 – 89
Umkhuleko Wowethemba UNkulunkulu
Ihubo lika-Asafa
1UNkulunkulu umnene impela ku-Israyeli,
kulabo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
2Kepha mina izinyawo zami
zicishe zakhubeka,
kwasala kancane
ukuba izinyathelo zami zishibilike.
3Ngaba nomhawu ngabazidlayo,
lapho ngibona ababi bephumelela.
4Ngokuba abanazinhlungu,
kuze kube sekufeni kwabo, bayizitetelegu.
5Abahlupheki njengabanye abantu,
futhi abehlelwa wubhubhane
njengabanye abantu.
6Ngakho-ke ukuqhosha ngumgexo wabo,
indluzula bayembethe njengengubo.
7Amehlo abo aphinqekile ngukunona,
imicabango yenhliziyo iyachichima.
8Baklolodela abanye,
bakhulume okubi, baziqhenye,
bahlongoze ukubacindezela.
9Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini,
ulimi lwabo luhamba emhlabeni.
10Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha,
amanzi amaningi bazimuncela wona.
11Bathi:
“UNkulunkulu wazi kanjani?
Imbala kukhona yini ukwazi koPhezukonke na?”
12Bheka, laba bayizikhohlakali,
bahlala bekhululekile, bandisa imfuyo.
13Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile,
nezandla zami ngazihlamba ngingenacala,
14ngokuba ngahlushwa usuku lonke,
kwasa ngijeziswa.
15Uma bengithe ngizakukhuluma kanjalo,
ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
16Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,
kwaba luhlupho emehlweni ami,
17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,
ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.
18Impela ubabeka ezindaweni ezibushelelezi,
ubawise babe yincithakalo.
19Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!
Bafa, babhubha benovalo.
20Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,
uyakuwedelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21Kwathi lapho inhliziyo yami iba nomunyu,
nezinso zami zibhokodwa,
22ngaba yisiphukuphuku,
angaze ngazi lutho,
ngaba yisilwane kuwe.
23Kepha mina ngiyakube nginawe njalo,
ungibambile ngesandla sami sokunene.
24Uyakungihola ngesiluleko sakho,
andukuba ungamukele enkazimulweni.
25Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
26Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela,
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami
kuze kube phakade.
27Ngokuba abakude nawe bayakubhubha,
uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.
28Kepha mina kungilungele
ukusondela kuNkulunkulu,
ngiyenzile iNkosi uSimakade
ibe yisiphephelo sami,
ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 73: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo