AMahubo 73:23-26

AMahubo 73:23-26 ZUL20

Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.