Mathewu 28:1-4

Mathewu 28:1-4 CZB24

Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo. Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa. Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 28:1-4