NgokukaMathewu 28:1-4
NgokukaMathewu 28:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo. Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa. Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo.
NgokukaMathewu 28:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba. Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo. Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane. Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo.
NgokukaMathewu 28:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo. Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane. Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo.
NgokukaMathewu 28:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)