Mathewu 28

28
Mathewu 28
1Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna.
2Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo.
3Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa.
4Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo.
5Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.
6Kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; Wozani nibone indawo lapho iNkosi yayilele khona.
7Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile; niyakumbona lapho; bhekani, nginitshelile.
8Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe.
9Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye.
10UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.
11Kwathi besahamba, bheka, kwafika abanye kubalindi emzini, babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo.
12Sebebuthene lamalunga, benza icebo, banika amabutho imali enengi;
13besithi: Yishoni ukuthi: Abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.
14Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncenga thina, sinivikele.
15Base beyithabatha imali, benza njengalokho befundisiwe; leli zwi lisasakazwa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla.
16Abafundi abayishumi nanye basuka baya eGalile entabeni lapho uJesu ayebayalile khona.
17Sebembonile bakhuleka kuye, kodwa abanye bangabaza.
18UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.
19Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;
20nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 28: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo