NgokukaMathewu 28

28
Ukuvuka Nokuzibonakalisa KukaJesu
(Mak. 16:1; Luk. 24:1; Joh. 20:1)
1 Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba.
2Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo. 3Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane. 4Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo.
5 Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni. 6 Akekho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe. Wozani nibone indawo lapho ebelele khona. 7 Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.”
8Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe. 9 UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.”
Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. 10 UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”
Umbiko Wabalindi
11Besahamba, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abaphristi abakhulu konke okwakwenzekile. 12 Sebebuthene abaphristi abakhulu namalunga, bakha icebo, base benika amabutho imali eningi, 13bathi: “Anibothi abafundi bakhe bafikile ebusuku, bameba silele. 14Uma lolu daba luzwakala kumbusi, thina siyakumchazela, nina ningahlushwa lutho.”
15Abalindi bayithatha imali, benza njengalokhu beyaliwe. Lolo daba lwasabalala kubaJuda kuze kube namuhla.
Isiyalezo Sokugcina SikaJesu
(Mak. 16:14; Luk. 24:44)
16 Abafundi abali-11 baya eGalile, kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona. 17Kwathi lapho bembona, bakhuleka kuye; kodwa abanye bangabaza. 18 UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni. 19 Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele. 20 Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 28: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume