NgokukaMathewu 28:1-4

NgokukaMathewu 28:1-4 ZUL20

Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba. Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo. Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane. Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 28:1-4