Mathewu 24:1-28

Mathewu 24:1-28 CZB24

UJesu waphuma wamuka ethempelini; abafundi bakhe beza kuye ukumbonisa izakhiwo zethempeli. UJesu wathi kubo: “Aniziboni zonke lezi zinto na? ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na? UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki; Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Konke lokhu kungukuqala kwemihelo. Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Nangenxa yokwanda kobubi, uthando lwabaningi luyophola. Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika. Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;) Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha izingubo zakhe. Maye kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha; Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya; ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo. Bhekani, nginitshelile ngaphambili. Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa. Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

Ividiyo ye- Mathewu 24:1-28