NgokukaMathewu 24:1-28

NgokukaMathewu 24:1-28 ZUL59

Kuthe uJesu ephuma ethempelini, emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli. Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi. Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo. “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi. Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela. “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka. Bhekani, senginitshelile ngaphambili. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 24:1-28