Kuthe uJesu esephumile ethempelini, wahamba, kwasondela abafundi bakhe, bamkhombisa izakhiwo zethempeli. Waphendula wathi kubo: “Anikuboni yini konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: akuyukushiywa lapha itshe phezu kwelinye elingayikudilizelwa phansi.”
Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?”
UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKhristu,’ badukise abaningi. Niyakuzwa ngezimpi, namahemuhemu ezimpi. Nina ningethuki, ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala nje kwemihelo.
“Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, futhi bazondane. Kuyakuvela abaphrofethi mbumbulu abaningi, badukise izindimbane zabantu. Luyakuphola uthando ngenxa yokwanda kobubi. Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike umhla wokuphela.
“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni; ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe; osensimini, makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika noma ngesabatha. Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona. Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”
“Uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma ethi: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo. Niyabona-ke, nginitshele kungakenzeki lokho.
“Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Nango usehlane,’ ningayi lapho; noma bethi: ‘Nangu, usendlini,’ ningabakholwa. Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu.
“Noma kuphi lapho kunesidumbu khona, kulapho amanqe ebuthana khona.