NgokukaMathewu 24:1-28
NgokukaMathewu 24:1-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu waphuma wamuka ethempelini; abafundi bakhe beza kuye ukumbonisa izakhiwo zethempeli. UJesu wathi kubo: “Aniziboni zonke lezi zinto na? ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na? UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki; Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Konke lokhu kungukuqala kwemihelo. Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Nangenxa yokwanda kobubi, uthando lwabaningi luyophola. Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika. Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;) Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha izingubo zakhe. Maye kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha; Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya; ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo. Bhekani, nginitshelile ngaphambili. Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa. Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.
NgokukaMathewu 24:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe uJesu esephumile ethempelini, wahamba, kwasondela abafundi bakhe, bamkhombisa izakhiwo zethempeli. Waphendula wathi kubo: “Anikuboni yini konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: akuyukushiywa lapha itshe phezu kwelinye elingayikudilizelwa phansi.” Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKhristu,’ badukise abaningi. Niyakuzwa ngezimpi, namahemuhemu ezimpi. Nina ningethuki, ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala nje kwemihelo. “Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, futhi bazondane. Kuyakuvela abaphrofethi mbumbulu abaningi, badukise izindimbane zabantu. Luyakuphola uthando ngenxa yokwanda kobubi. Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike umhla wokuphela. “Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni; ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe; osensimini, makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika noma ngesabatha. Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona. Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.” “Uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma ethi: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo. Niyabona-ke, nginitshele kungakenzeki lokho. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Nango usehlane,’ ningayi lapho; noma bethi: ‘Nangu, usendlini,’ ningabakholwa. Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu. “Noma kuphi lapho kunesidumbu khona, kulapho amanqe ebuthana khona.
NgokukaMathewu 24:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuthe uJesu ephuma ethempelini, emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli. Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi. Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo. “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi. Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela. “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka. Bhekani, senginitshelile ngaphambili. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.
NgokukaMathewu 24:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)